From Community Memory
Umgogo umdlalo odlalwa abafana uma belusile emadlelweni. Lena indlela yokuchitha isizungu nokuthi bathola nento abazoyidlangoba kusuke kukude emakhaya ukuthi bayodla khona. Imigogo bacupha ngayo ukuze babambe izinyoni. Akuzona zonke izinyoni ezidliwayo.Umgogo ucushwa kanje
Uqala ngokubheka ukuthi kuleyondawo zikhona yini izihlahla ezihlangene lapho izinyoni zithanda ukuhlala khona. Into okuqalwa ngayo ukuhlanza indawo lapho kuzocushwa khona umgogo lokhu kwenzelwa ukuthi izinyoni zisheshe zibone bese ziyasondela.
Umgogo umi kanje
Uphula izinti zibe ngangomunwe ophakathi nendawo, bese sakha okusandilinga kube nomnyango, intambo ende engakalelwe ubude bayo, leyontambo kwakhiwa ngayo umkhwibi ngoba iwona inyoni ebambeka kuwo. Inyoni-ke ihehwa ukudla okusuke kufakwe phakathi okubizwa ngokuthi incombo, incombo itholakala esidulwini kodwa hhayi kunoma isiphi. Incombo izinyoni ziyithanda kakhulu iyizilwanyana ezithi azifane nezintuthwane.
Inyoni ibambeka ngesikhathi ithi iyangena emnyango iyothatha incombo bese inyathela umkhwibi onesihibe bese ibambeka onyaweni kube ukubanjwa kwayo. Abafana-ke besebeyikhipha bayihlinze bayose.
By Zanele Shange





