environmentculturehistory

From Community Memory

Jump to: navigation, search

Mkhize

Mumbo!
Ndlozela ka Langa!
Gubhela!
Amamb' abambulaz' abadl' umuntu bemyenga ngendaba,
AbaMbo bakaSibisid' esimaphandla,
Asebephandl' abeNguni bavungama'
USibisid' esimjembelezana.


BakaNongalo owaphana kakhulu,
Waze waphana ngenhlam' isetsheni
Osindaphundaphu ngokwephana,
Nina bakanhlama yaphelel' etsheni ngokuphana.


Nina malala amahle, Alala nomunw' endunu,
Navuka nakhwif' ilanga.
Nina bakaMavumbuk' unjengekhowe.


Ngunezi kaSingele, kaZihlandla kaGcwabe, Khabazela kaMavovo
Nina bengwadl' eyathi isabhudla yaphinda yabhudla,
Nina enikhany' amas' esiswini.


Mumb' omhlophe! Nina besimahl' esimhlophe, Esilala ngamanzi
Nina bakaNongalo,
Nina baka Luzalo,
Nina baka Zelize!


English Summary

These are the clan praises for Mkhize surname. 


Source: S. Mkhize. 2007. Uhlangalwasembo (History of eMbo People).