From Community Memory
Izisho zifana nobuciko ekukhulumeni ulimi
lwesiZulu. Injongo yabo lobubuciko ukunandisa nokunonga nokunothisa ulwimi
lwesiZulu. Isisho into enomqondo ojulile nedinga ukuhlaziywa uma isishiwo
ngenxa yokukekela kwayo. Sisithola sigigiyela, singayigaguli into njengoba
injalo njengokuthi: “ukubamngwa nezibi” lokho kusho noma kuhlonishiswa ukugula
kakhulu kumuntu ogulayo. Ukujula kwaso futhi sike sibe nokushuba okuthize
kwezifenqo: “Ukudliwa izindunduma” lokho kushiwo kumuntu owabhungukayo ekhaya
noma endaweni aziwa kuyona kakhulu. Ukunyamalala kufenqeziswa nokudliwa, bese
izintaba zifaniswe zona nezindunduma.
Indlela ezwakalisisayo yokuchaza isisho
ukusiqhathanisa nesaga. Isisho siyibizana lamagama angaqedi noma anganikezi umqondo
ogcwele. Ngalamazwi siqonde ukuthi akusiwo umusho ophelele ongazimela wodwa.
Isibonelo; “Ukubola amathumbu” lapha umqondo ogcwele ungawuzwa kahle emshweni
uma sithi, “Azinanhlonipho izingane zalomama walaphayana, zonke ziyimidlwembe,
akazalanga wabola amathumbu” Lapha kuyakhanya umqondo walesi sisho uma
sekunomusho ogcwele naso sisetshenziswa kulowomusho.
Izisho nencazelo zazo
- Amanzi amponjwana - Utshwala (ikakhulukazi obesintu)
- Abafana boqunga – Imikhovu
- Imbuzi igudla iguma - Ukufuna into kodwa umuntu
angaphumeli obala ngaleyonto ukuthi uyayifuna
- Insakavukela umchilo wesidwaba - Into
eyenzeka nsuku zonke
- Iziduli zabasali - Into eningi kakhulu
- Ukubamba indlela - Ukuqala ukuhamba,
ikakhulu uhambo olude
- Ukubambisa udonga - Ukukhohlisa noma
ukulindisa isikhathi eside ungaqhamuki
- Ukubangwa nezibi - Ukugula kakhulu
- Ukubeka isandla - Ukushaya omunye umuntu
- Ukubeka uhlangothi - Ukulala
- Ukubhekwa yisambane - Ukuba neshwa
wehluleke kokufunayo
- Ukubhonga emswanini - Ukukhala
kungenakusiza, noma izinto sezize zonakala
- Ukubola amathumbu - Ukuba nabantwana
abaluhlupho, abangasizi ngalutho
- Ukubuya ulambatha - Ukungaphumeleli entweni
obuyisukele phansi uthi uzoyizuza
- Ukucasha ngehlamvu njengenkawu - Ukwenza
izaba nje ezingasho lutho, kubonakala ukuthi usephutheni
- Ukucela empunzini - Ukubaleka
- Ukuchitheka kophoko - Ukonakala kakhulu
kwezinto
- Ukudla udaka - Ukuhlupheka, umuntu alambe
into azoyidle ingekho
- Ukufakana imilomo - Ukuxoxa, noma
ukubonisana ngodaba olujulile.*Ukugaqela eziko - Ukuziyisa engozini.
By: Mbusiswa Zuma





