environmentculturehistory

Izilwane ezilusizo

From Community Memory

Jump to: navigation, search
Umtshopo.jpg
Phambilini bebengekho odokotela kodwa abantu babezilapha bona ngamakhambi nangezinye izilwane ezitholakala ehlathini. Bebe nesiphiwo sokuboniswa into enhle nembi ingakenzeki futhi bebeboniswa ukuyivika nokuyilapha nokuyichiliza iseza. Babekholelwa emadlozini abo nakokhokho babo yingakho bebethi yibo abababonisa yonke lento belele. Okhokho babo bebebabonisa bebafundisa ukuze baphile. Abafana abalusayo bebeba senhlanhleni yokufunda kwabadala konke lokhu ngoba bekwenzeka balimale khona ekwaluseni kodwa bengabuyeli ekhaya kodwa bebesizana khona lapho bezingela futhi kuningi ebebefundisana kona. Nobaba abazingelayo yibo abebesiza nokubuya nezinye izilwane zokuqinisa imizi yabo. Bebengazibulali kodwa bebesebenzisa izikhumba zaso ngoba ezinye ziyebuza ezinye basebenzise indle yazo ezinye uboya bazo. Bekuyingozi ukuzibulala ngoba bebesaba ukuthi zizophela. Izibonelo zezilwane zokwelapha.


Contents

Ingungumbane

Ingungumbane iyisilwane esincane, singaphezudlwane kancane kwenkukhu, sinemilenze emine sinekhanda elicijile sinameva umzimba wonke. Sizivikela ngawo ezitheni zaso ehlathini kodwa lameva awusizo kubantu ngoba uma ugula bayawathatha ameva ayo bakutshope ngawo usinde ekuguleni noma uma unomeqo uyatshopa. Aphuma kuyo enamafutha athize iwo lawa alaphayo kutshopwa kusuka ekhanda kuyophuma ezinyaweni ngoba ume utshope wangaqeda umzimba wonke ukufa bathi kuhlala lapho ungatshopanga khona. Lameva alesilwane awatholakali noma kanjani kodwa abazingeli noma bafana abalusayo, mabeyibonile bayisasazela ngezinja bese kubhuduliswane inja nayo ikhiphe ameva nayo izivikela aphume awe phansi bese bezikhuza izinja ngoba bebengaqondile ukuyibulala bebefuna ameva kuphela bawacoshe bagoduke nawo. Futhi njengoba bebakha noma kuphi lezizicwiyo bezibasiza ukuthi izilwane zasendle zingangeni emizini yabo besalele ngoba beyingekho iminyango bebevala ngezidwangu, babeshunqisa inhlanganisela yaleso silwane ebesiyozingelwa ukuze bavikeleke kulezo ezihlasela amakhaya abantu ebusuku.


Ubhejane

Iphindemuva.jpg
Ubhejane isilwane esikhulu simise okwenkomo, khona bebesebenzisa ubulongwe bayo ukwenza izihlungu, ngoba yona idla zonke izinhlobo zezinyoka bebekholelwa ukuthi inyoka inobuthi obubi okwenza ukuthi uma bethole ubulongwe lukabhejane bathole yonke into yokuhlanganisa izihlungu. Lezihlungu bebezikhotha ukuthi baqine uma belunywa izinyoka ehlathini noma belwa nabantu kungasheshi ukuzwela kubona.


Inyoka

Inyoka bebesebenzisa umbuzo wayo ukushunqisela izingane ezincane, isikhumba sayo mabehlangane nayo ifile bebesithatha benzele ingane incweba ukuze ingahoshi imimoya emibi.


Inkawu

Bebe yizingela beyidla futhi bebekholelwa ukuthi kumele idliwe umuntu wesifazane oqeda kuteta khona engazophathwa izinhlungu zokuthi kade eyobeletha, asheshe asukume engalokhu ewumdlezane olele. Ubephekelwa anikwe isobho layo, kuthiwa yona ingateta namhlanje kodwa uzoyibona isinwatela ezihlahleni ingenazinhlungu. Bebethatha unyawo lwayo bakwebhe kancane ingane ngoba beyiqinisa noma uma inenkinga yokuhamba amadolo ayo engaqinile kahle.


Amatsheketshe

Amatsheketshe amakhulu kukhona amnyama nabomvu, atholakala eqeleni, bebethatha ingane bayihlalise kuwo uma kungavumi ihambe isidlulelwe isikhathi. Inkaba yengane ayilahlwa noma kanjani bebeya emgodini wawo babeke ininga yengane ngaphandle komgodi uma kungeya kulesosibongo amatsheketshe abeyidla kodwa uma kungeyona beyiyeka ngoba phela ibekwe yilo kumelwe imukelwe abakubo bese beyibuyisele kumama wengane ayilahle yena.

Nelisiwe Hlongwane