From Community Memory
Umarikwata isihlahla esikhulu, esimila izithelo eziphuzi, siphuma inhlamvu encane eyodwa noma ezimbili zibhanqene noma zihlangene. Uma ukudla uyakuhluba, amacembe alesisihlahla asiza uma uphethwe isifo sephika, uyawapheka abile kodwa uma sesikuhlupha kakhulu lesisifo uthatha impova kabhanana uhlanganise namacembe alesisihlahla ukubilise ndawonye siphele lesisifo. Impova uma sekuzothela ubhanana kuba khona into ebomvu lapho kuzophuma khona ubhanana.
Contents |
Indawo
Kumila emaxhaphozini. Yinto enganakekile kodwa kuyasiza, kwakhiwa ngakho amacansi isihlandla futhi uma ukumba bese uthatha izimpande zakhona, ziyasebenza njengobulawu kuthiwa umuthi womsebenzi. Kumila exhaphozini kumila kubengathi umsingizane oqinile, kumila kuye phezulu. Uma uzophalaza ngakho uyakucwilisa ngamanzi abandayo bese ukusebenzisa ngakusasa, uyakugxoba kuqala bese iquzu elinye ulibeke nje esikhwameni kuthiwa umuthi omuhle wenhlanhla.
Inguduza
Umuthi omilela phansi mhlawumbe ushaye eqakaleni, uba nekhasi eliluhlaza kusetshenziswa izimpande zakhona. Impande iba yisigaxa uma umba ungathi u anyanisi, yiso lesi esibiliswayo bese usefa uchathe ngakho. Noma uphuze kube yisiphungo, kuvula inhliziyo udle njalo futhi uyachatha ngawo, bathi kulapha izilonda ngoba noma unaso ngaphandle uyasigeza ngalomuthi. Lomuthi usetshenziswa nasezinganeni ezincane awunabungozi. Futhi usetshenziswa ebusika ngaphandle ngoba uthela ngaso lesikhathi sonyaka. Kudingeka ukuthi uwukhe ngesikhathi sawo usuqedile ukuvuthwa khona uzokwazi ukulwa nezifo kuwe ezingaphakathi ngoba uma uwusebenzise ungakavuthwa ungakudalela ezinye izifo.
Unsukumbili
Unsukumbili awusibheki isilonda sesela, uyaphumputhela ngawo. Wona umila ezigangeni uvamise ukutholwa yilabo abelusayo, uyawugxoba bese uphumputhela ngawo ingane.
Indlonzo
Umuthi omila ukhule ngokunwantela ezihlahleni ezinde, lomuthi uyaqguma ngawo uma uphethwe umkhuhlane noma walimala wophela ngaphakathi noma unesixhwazi esithize uyawugxoba bese uwunamathisele lapho udonsa bonke ubuhlungu bese kusale kuyisilonda esingaphandle ozokwazi ukusinaka size siphole.
Amafutha omhlaba
Kuyigxolo elihlangene eliyisigaxa kumila kushone emhlabathini kuba namakhasi ngaphandle kona bese wena ukhe isigaxa esisemhlabathini, kusiza kumoya omubi, uma ungumuntu ojwayele ukuhamba ebusuku.
Ilabatheka
Kuba amakhasi ngaphandle kube yisigaxa emhlabathini kusiza kumoya omubi nasemzimbeni ngaphakathi uyakukha ukomise ngethunzi uma ukuqobile kuyasiza futhi uma unenkinga yamadlebe noma yamehlo, uyakuconsisela emadlebeni, uyakuphuza futhi ukubeka emawindini ukuvimba umoya omubi, ugeza ngawo amehlo. Uma uwusebenzisa awusebenzisi ngamanzi abilayo kodwa afudumele ngoba uyawubulala uma uwushisa ngamanzi abilile.
English Summary
This article looks at different types of medicinal plants that can be used to heal earache and eye infection. Some of the plants listed are for luck to people seeking employment they can use these plants by steaming before going for interviews. Others are used to chase away bad spirits at home and in cars for people who travel during the night. Nelisisiwe Hlongwane





